Kusungulwa iSigungu seziPhathimanda zamaChweba kuZwelonke neSigungu esinguMlawuli wamaChweba; kulungiselwa ukuphathwa kwamachweba athile yiSigungu seziPhathimandla zamaChweba kuZwelonke; kanye nokunye okuhambisana nalokhu.
umkhumbi  kushiwo noma isiphi isakhiwo esitshza emanzini kumbandakanywa nendiza yamanzi.
Ukulungiselela ukudluliswa kwamakhono nobunciko , ulwazi nokuphatha ngokusebenzisana nokumbandakanya umkhakha ozimele ongekho ngaphansi kukahulumeni.
Ngemuva kokubhaliswa nguNgoqngqoshe onesabelo, kuyakusungulwa inkampani yeSigungu seziPhathimandla zamaChweba kuZwelonke ezoba ngumnini, ingamele, futhi iphathe amachweba esikhundleni sikaHulumeni.
LeSigungu seziPhathimandla siyokuphathwa ngokulandela uMthetho wokuPhathwa kweziMali zoMbuso PFMA.
uNgqongqoshe okunguyena onesabelo kufanele athathe izinyathelo ukuze kwakhiwe futhi kubhaliswe iSigungu seziPhathimandla njengenkampani yomphakathi engathengisa izabelo noma amasheya kanye nokukhishwa kwesitifiketi sokuqala umsebenzi nokulandela okushiwo nguMthetho weziNkampani.
uHulumeni nguyena kuphela oyakuba yilunga nonesabelo kulesi Sigungu seziPhathimandla.
Amalungelo kaHulumeni okuba yilona lunga elinezabelo kuleSigungu seziPhathimandla ayosetshenziswa nguNgqongqoshe okunguyena ophethe isabelo.
Uma kwenzeka kutholakala ukuthi lezi zincwadi zokubhaliswa azihambisani nalokho okushiwo uMthetho a loMthetho yiwona oyakuhamba phambili noma oyakusetshenziswa; futhi b lokhu okushiwo yizincwadi zokubhaliswa kuyakuba namandla kuphela uma loMthetho uchitshiyelwe ukuze kususwe lokho kuphikisana.
UNgqongqoshe onesabelo , ngokwezincomo ezenziwe iSigungu seziPhathimandla, anganxusa uNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni ukuba amemezele ukuthi imibandela noma izigaba ezithile zomthetho weziNkampani zingasebenzi kulesi Sigungu seziPhathimandla.
UNobhala weziNkampani kufanele adalule leyo mininingwane mayelana nesicelo nokwesekelwa kwaso ngokwesigatshana , ngokukhipha isaziso ePhephabhukwini lukahulumeni iGazethi.
b Kuleso saziso uNobhala weziNkampani kufanele ameme abantu kuba balethe izimpikiswano neziphakamiso zabo kumuntu oyakushiwo kusaziso leso singakapheli isikhathi esiyakunqunywa kuleso saziso.
a Emuva kokubhekisisa izimpikiswano neziphakamiso lezo uma zikhona ezitholakale ngokwesigatsana 2, uNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni , ngokukhipha isaziso ePhephabhukwini likaHulumeni iGazethi angamemezela ukuthi ingxenye yemibandela ethile noma imibandela yonke ngokuphelele noma lezo zigaba ezithintekayo zoMthetho weziNkampani, ayisebenzi kulesi Sigungu seziPhathimandla kusukela ngosuku oluyakumiswa kusaziso leso.
angeke kunciphise noma kwehlise amandla eSigungu seziPhathimandla okubika njengeSigungu somphakathi noma kunciphise ukuvuleleka kwemisebenzi nokusetshenziswa; noma iiiangeke kunukubeze amalungelo, inzuzo noma izicelo zalabo abakweletwa iSigungu seziPhathimandla noma abasebenzi noma ilungelo lenzuzo lanoma imuphi omunye umuntu.
Unyakamali weSigungu seziPhathimandla uyakuba kusukela kumhlaka I kuApreli kuya kumhlaka 31 Mashi onyakeni olandelayo, lezinsuku zombili ziyakubalwa.
Ngale kwalokho okushiwo yinoma imuphi uMthetho, iSigungu seziPhathimandla singeke safakwa ngaphansi kohlelo lokuphathwa ngumuntu oqokwe yinkantolo noma ngaphansi kohlelo lokwabiwa kwemali yenkampani esihluleka ukukhokha izikweletu , ngaphandle uma kugunyazwe uMthetho wesiShayamthetho okhishelwe leyo nhloso ngqo.
Zonke izikhumulo zemikhumbi ezingaphansi kweSigungu seziPhathimandla sikaZwelonke sakwaTransnet ngaphambi kokuqala ukusebenza kwaloMthetho ziyakubuyela ngaphansi kweSingungu seziPhathimandla kusukela ngosuku oluyakumiswa ngokusho kwesigaba 27.
a Ngokukhipha isaziso ePhephabhukwini loMbuso uNgqongqoshe uyakumisa ukuthi imaphi amanye amachweba ayakungena ngaphansi kweSigungu seziPhathimandla ngaphandle kwalawo okukhulunywa ngawo kusigatshana 1.
UNgqongqoshe angabuye abukeze, aguqule noma anwebe imincele yamachweba futhi kufanele abonisane noMasipala abathintekayo uma lokho kubukeza, ukuguqulwa noma ukunwetshwa kuzothinta imincele yoMasipala.
m ukwenza-ngcono ukusebenza ngokunekhono, ukuthembeka nomnotho ngasohlangothini lwalabo abanamalayisensi , okuhambisana namazinga amukelekile emhlabeni nezimfuno zomphakathi.
ISigungu seziPhathimandla zamaChweba kuZwelonke kufanele senze konke okudingekayo ukuze kuphathwe ngempumelelo nangokonga, ukuhlela kanye nokukhalima amachweba.
c ukulungiselela ukwenziwa kwaleyo misebenzi ukunciphisa ukuphindwaphindwa kwaleyo misebenzi nenqubo mayelana nokwenziwa kwaleyo misebenzi.
uNgqongqoshe kufanele azise umphakathi ngaleyo ncwadi yokuZwana okukhulunywa ngayo kusigatshana 2, NgokuKhipha isaziso ePhephabhukwini likaHulumeni.
Ibhodi liyakuba namalunga angekho ngaphansi kweysikhombisa noma angekho ngaphezulu kweshumi nantathu , ayokhethwa uNgqongqoshe onesabelo.
d nezigaba eziphathelene nezokuthengiselana, izimali, ezomthetho nezomnotho.
UNgqongqoshe onesabelo kufanele aqoke ilunga elilodwa ukuba libe nguSihlalo weBhodi.
Ibhodi lona kufanele likhethe Iphini-likaSihlalo kumalunga alo.
Amalunga eBhodi angeze amela izinzuzo zeqembu elithile, kodwa kufanele akhuthaze ukuthuthukiswa nokwenziwa ngcono kwamachweba ukuze kuzuze bonke abasebenzisi bamachweba.
a akhiphe isaziso ngokwenza isimemezelo ePhephabhukwini likahulumeni iGazethi kanye nakwabezindaba ngesifiso sakhe sokuqoka lowo muntu bese enxusa umphakathi ukuba uphakamise izimvo zawo noma uphikise ukuqokwa kwalowo muntu singakapheli isikhathi esiyomiswa kusaziso leso; futhi b abhekisise iziphakamiso noma izimpikiswano ezitholakale ngenxa yesaziso.
a UNgqongqoshe onesabelo angaqoka amalunga okuqala eBhodi ngaphambi kokuba Ibhodi libhaliswe.
b Ukuqokwa okwenziwe kanje kuyoqala ukusebenza ngosuku lokubhaliswa.
Ibhodi liyakumela iSigungu seziPhathimandla yonke imisebenzi eyokwenziwa yibhodi ngaphansi kwaloMthetho neyobe igunyaziwe iyakuthathwa ngokuthi yenziwe yiSigungu seziPhathimandla.
k ukuvumela ukuqashwa kwabanye abasebenzi abayizikhulu zeSigungu seziPhathimandla zamaChweba; kanye l ukulandela inqubogomo kaHulumeni yamaChweba okuhweba kaZwelonke.
Akukho lutho olushiwo isigatshana 1 olungavimbela iBhodi ukwenza umsebenzi ofanele ngendlela efanele ukuze kuphathwe ngempumelelo ezomnotho, ukuhlela , ukwenza nokulawula amachweba futhi okungaphikisani noMthetho.
Ibhodi kufanele liqinisekise ukuthi akwenzeki noma ngaphansi kwezimo ezinjani ukuthi kuthengiswe umhlaba ongowebhodi.
e eke walahlwa yicala...
f engavumelekile ukuba ngumqondisi ngaphansi koMthetho weziNkampani ongunombolo 61 ka 1973.
USihlalo angabamba isikhundla isikhathi esingevile eminyakeni emithathu kusukela ngosuku aqokwa ngalo.
Yilelo nalelo lunga lingabamba isikhundla isikhathi esiyomiswa nguNgqongqoshe onesabelo esingeke saba ngaphezulu kweminyaka emithathu.
Amalunga angabuye aqokwe futhi ngokwesibili ukuze kuqutshekwe kahle nomsebenzi.
UNgqongqoshe onesabelo angasusa esikhundleni ilunga noma usihlalo webhodi uma lelo lunga...
d uma esebenzela uMbuso futhi uNgqongqoshe eqoka omunye esikhundleni sakhe; noma e lingaziphethe kahle.
ilunga lebhodi lingafaka isaziso esibhaliwe sokushiya isikhundla linikeza uNgqongqoshe onesabelo inyanga eyodwa.
Ukudalulwa kwenzuzo ngamalunga eBhodi.
Ilunga lingeze laba khona noma lizibandakanye ezingxoxweni noma ekuthatheni isinqumo kunoma yiluphi undaba lapho lunga noma amalunga omndeni walo, uzakwabo kwezebhizimisi bezozuza ngokwemali ngqo noma ngandlela thile.
Uma ilunga leBhodi lithola noma kungenzeka lithole inzuzo okungenzeka kube inzuzo okukhulunywa ngayo kulesi sigaba, kufanele kuthi ngokushehsa libhalele uNgqongqoshe onesabelo neBhodi lidalule leyo nzuzo.
Uma ngabe inhlangano noma ibhizimisi lapho ilunga lebhodi linenzuzo okukhulunywa ngayo esigabeni 2 icelwa ukuba inikeze iSigungu seziPhathimandla usizo, leyo nhlangano noma ibhizimisi kufanele kuthi ngokushesha ibhale incwadi idalule inzuzo yalelo lunga kuNgqongqoshe onesabelo kanye neBhodi.
b Ibhodi kufanele libambe umhlangano okungenani kanye ezinyangeni ezintathu.
a angabiza umhlangano ophuthumayo weBhodi; futhi b kufanele abize umhlangano ophuthumayo weBhodi zingakapheli izinsuku eziyi-14 kusukela ngosuku athole ngalo isaziso sokubiza umhlangano ophuthumayo esisayidwe ngamalunga eBhodi ayingxenye yokune one quarter.
Uma ngabe uSihlalo engekho iPhini likaSihlalo lingathatha isikhundla ngokuhambisana nemibandela engamiswa nguyena usihlalo.
Zonke izinqumo zamalunga amaningi akhona emhlanganweni ziyakuba yisibopho eBhodini naseSigungwini seziPhathimandla.
Uma ngabe amavoti elingana usihlalo uyakuba nevoti elingungumnqamulajuqu futhi uyakuphoqeleka ukusebenzisa lelo voti ukuze aqede lokho kungavumelani.
Ibhodi ngokuhambisana nesinqumo esithathe yingxenye enga-75 ekhulwini yamalunga alo...
b lichibiyele noma lesule lawo mandla adlulisiwe noma umsebenzi obuthunyelwe.
Nakuba kwedluliswe amandla okwenza umsebenzi njengoba kushiwo esigabeni 1 ibhodi ngeke laphucwa noma likhululwe ekwenzeni lowo msebenzi noma leso sibopho eliyobe lisedlulisile.
kufanele lowo okudluliselwa kuye amandla aziswe ngokubhaliwe.
b Lowo mbhalo kufanele uqukathe yonke imininingwane yamandla edlulisiwe nemibandela enqunywe ngokwesigaba a iii uma ikhona , uma ngabe kudluliswa namandla okudluliswa kwamandla ngokwesibili nakho kufanele kushiwo kanye nemibandela uma ikhona.
Ibhodi kufanele iqoke iSikhulu esiyiNhloko eNgamele, ngokuvunyelwa nguNgqongqoshe onesabelo zingakapheli izinyanga ezintathu libhalisiwe noma ngesinye isikhathi esingamiswa nguNgqongqoshe onesabelo.
Ibhodi kufanele linxuse abantu ukuba bafake izicelo zesikhundla sesikhulu esiyinhloko esengamele ngokusabalalisa isaziso ezweni lonke ngabezindaba.
Umuntu oqokwe kulesi sikhundla sokuba yisikhulu esiyinhloko esengamele kufanele...
b abe nolwanzi olunzulu ngezindaba zamachweba; futhi c kube ngumuntu ongavinjelwe okukhulunywa ngakho esigabeni 17 a kuya ku e.
Ukuqokwa kwesikhulu esengamele kuyoncika ekwenzeni isivumelwano sokusebenza phakathi kwaso nebhodi.
ISikhulu eseNgamele a siyoqokelwa lesi sikhundla isikhathi esiyomiswa encwandini yokuqashwa; futhi b singabuye siqokwe futhi.
Umuntu ozizwa engakwazi ukwenza umsebenzi wesikhulu esiyinhloko sengxenye yakwa Transnet 's National Ports Authority noushesha ngaphambi kokuba kubhaliswe uyakusebenza njengesikhulu esiyinhloko esengamele kuze kube iBhodi liqoka omunye ozothatha lesi sikhundla okukhulunywa ngaso kulesi sigaba.
ISikhulu eseNgamele singadlulisa amandla esinikwe wona ngokubhaliwe siwadlulisele kumsebenzi weSigungu seziPhathimanda osesikhundleni esiphezulu, kodwa kufanele sazise iBhodi ngokwedlulisa kwalawo mandla noma ukuthumela.
ISikhulu eseNgamele singashiya esikhundleni ngokunikeza iBhodi isaziso sezinyanga ezimbili.
Uma ngabe iBhodi lingahleli ngaleso sikhathi sokwesula emsebenzini, isaziso leso singathunyelwa kuSihlalo weBhodi futhi siyothathwa njengesinikwe iBhodi ngalolo suku esinikwe ngalo kuSihlalo.
b Eshiye noma esusiwe esikhundleni kodwa engakaqokwa ozothatha isikhundla.
Isikhulu esiyiNhloko esengamele siyoqoka ngokubhaliwe noma imuphi omunye umuntu okukhulunywa ngaye kusigatshana 1 ukuba abambe leso sikhundla ngesikhathi iSikhululu esiyiNhloko eseNgamele singekho eRiphablikhi.
Isikhulu esiyinhloko esengamele esibambile singasebenzisa amandla futhi senze yonke imisebenzi yeSikhulu esiyiNhloko esengamele.
Isikhulu esiyiNhloko esengamele singaqoka abantu esibona befanele ukuba benze umsebenzi weSigungu seziPhathimandla.
Bonke abantu okuyothi ngokushesha ngaphambi ngosuku olumiswe bangokwesigaba 27 1 babe bengabasebenzi be -Transnet National Ports Authority, bayothathwa njengadluliselwe eSigungwini seziPhathimandla ngalolo suku ngale kokuthikamezeka komsebenzi, nangaphansi kwemibandela nezinzuzo ezingekho ngaphansi kwalezo ebebezithola ngaphambi kokuba badluliswe.
Ngokwenhloso yokusebenza koMthetho weNtela yemali etholwayo k a1966Income Tax Act, 1962 uMthetho ongunombolo 58 ka 1962,ukudluliswa komsebenzi okukhulunywa ngakho esigatshaneni 2, kuyothathwa ngokuthi iSigungu seziPhathimandla ngeTransnet ngumqashi oyedwa.
Ngosuku oluyakuba ngemuva kusuku lokubhaliswa oluyakumiswa nguNgqongqoshe onesabelo ngokukhipha isaziso ePhephabhukwini lakaHulumeni, iSigungu seziPhathimandla siyokwelama IsiPhathimandla zamaChweba kuZwelonke, okuyingxenye yeTransnet.
a wonke umhlaba nempahla engaphatheki ephathelene nabhizimisi yaleyo ngxenye futhi okungeka Transnet, iyakuba ngeyeSigungu seziPhathimandla; futhi b yonke impahla ethathekayo nezikweletu, amalungelo nezibopho ze Transnet ezihambisana naleyo ngxenye, ngokusho kukaNgqongqoshe onesabelo ngesaziso okukhulunywa ngaso kusigatshana 1, ziyakuba sezandleni zeSigungu seziPhathmandla.
Isigungu seziPhathimandla siyakugcina leyo mpahla esikhundleni sikahulumeni.
Uma nje iwela ezandleni zeSigungu njengokusho kwesigatshana 2, Ibhodi kufanele lazise uSikhwama kaZwelonke ngendlela okukhulunywa ngayo esigabeni 542 soMthetho wokuPhathwa kweziMali zoMuso PFMA.
c iyakungena esikhundleni njengomngalelelwa noma ummangali emacaleni e-Transnet angakapheli, okumbandakanya ukuxazululwa kwamacala ngaphandle kwenkantolo, sengathi bekuyisona ebesimangalelwe noma ebesimangele kwasekuqaleni; futhi d siyakungena esikhundleni njengolunye uhlangothi ezivumelwaneni ezingenelwe nguTransnet kuzo zonke izivumelwano ezihambisana namachweba sengathi iSigungu yisona ebesenze isivumelwano kwasekuqaleni.
Izigatshana 2 no 5 ngeke sichazwe njengezinika iSigungu seziPhathimandla ubunini bempahla ephathekayo nengaphatheki obekungeyona eka Transnet ngephambi kwalolo suku okukhulunywa ngalo.
UNobhala kufanele kuthi ngemuva kokuthunyelwa kwesitifiketi nguNgqongqoshe onesabelo sokuthi imvume yokusebenzisa umhlaba ongewakho noma ngamanye amalungelo noma ukukwetshelekwa indawo okuwela ezandleni ngokwaloMthetho ebhalise ngokufanele kunoma iliphi ilegista ukuze lawo malungelo awele ezandleni zeSigungu seziPhathimandla.
Ngokuhambisana nesigaba 66 soMthetho wokuphathwa kwezimali zoMbuso (PFMA) , iSigungu seziPhathimandla singaboleka imali noma sinikeze isibambiso noma singenele noma isiphi esezo okukhulunywa ngaso kuleso sigaba.
Kusungulwa iSigungu esizolawula amachweba esiyokubizwa ngoMlawuli wamaChweba.
h ukwaluleka nokuthola izaluleko kwezinye iZigungu ezilawulayo.
a bhekisise isikhalo noma iluphi undaba olulethiwe kuyena; bese b ethatha izinyathelo ezifanele ngokwaleso simo.
f indlela nefomu lokubamba iqhaza kwenqubo yoMlawuli; kanye g nenqubo emayelana nokuqhuba ibhizimisi lokuba nguMlawuli.
Uma ngabe kudingekile noma kusho uNgqongqushe, uMlawuli kufanele enzele uNgqongqoshe umbiko mayelana nondaba lokusetshenziswa nenhloso yaloMthetho.
UMlawuli kufanele kuthi ngokushesha ngemuva komhlaka- 31 kuMashi walowo nalowo nyaka kungakadluli umhlaka 30 Juni walowo nalowo nyaka, athumele kuNgqongqooshe umbiko enikeza imininingwane emayelana nemisebenzi yoMlawuli ngalowo nyaka ophele ngosuku olushiwo ngenhla.
a zingakapheli izinsuku eziyi-10 zokusebenza kusukela ngosuku awuthole ngalo uMlawuli; noma b uma iSishayamthetho singahleli, zingakapheli izinsuku eziyi-10 kusukela ngesoku iSishayamthetho esiqale ngaso umsebenzi waso.
Isigungu esinguMlawuli sizakuba nosihlalo kanye namanye amalunga angevile kwamane aqokwe nguNgqongqoshe ewaqokela ukuba asebenze iminyaka emihlanu ngesikhathi...
Amalunga eSigungu esinguMlawuli kufanele...
c lebe ngelizinikele ezinhlosweni nemigomo ebekwe yiloMthetho.
b kunesinqumo senkantolo esithi lowo muntu ugula ngengqondo noma unokuthikamezeka kwengqondo; noma c esake walahlwa yicala elenziwe ngemuva kokuqala ukusebenza koMthethosisekelo waseRiphablikhi yaseNingizimu Afrika ka 1993 Umthetho ongunombolo 200 ka 1993 owagwetsha ukubhadla ejele ngale kokukhokha inhlawulo.
Ilunga leSigungu esinguMlawuli elingeyena umsebenzi wombuso kufanele likhokhelwe imali ngosizo lwalo eyomiswa ngoNgqongqoshe ngokuvumelana noNgqongqoshe weziMali.
Imali yeSigungu esinguMlawuli kuyakuba imali esiyabelwe yiSishayamthetho eyingxenye yemali eyabelwe uMnyango wezokuThutha.
Umsebenzi wokuphathwa ophathelene nokwenziwa komsebenzi weSigungu esinguMlawuli kufanele wenziwe ngonobhala abayokuba ngasebenzi bombuso abasekelwe ukuba banike iSigungu esinguMlawuli usizo ngokoMthetho olawula abasebenzi bombuso.
b simise amaholo, okumbandakanye nokubuyiselwa imali yokukhokhela ezokuthuthwa, ukudla noma ngezinye izindleko zalowo muntu.
c lizisebenzisele lona ngokwalo, noma ukuze lizuze, olwazi oluyimfihlo olutholakale ngokwenza noma ukuqhuba umsebenzi weSigungu esinguMlawuli.
Isigungu seziPhathimandla singenza izivumelwano zokwehliselana imali ekhokhwayo noma izivumelwano phakathi koMbuso noMkhakha wangasese noma imuphi omunye umuntu okuyothi ngokwaleso sivumelwano lowo muntu, agunyazwe okwesikhathi esithile nangaphansi kwemibandela ethile ukuba...
Isivumelwano esenziwe ngaphansi kwalesi sigaba kufanele sinike iSigungu esiPhathimandla amandla okukhalipha nokubukeza ukuqutshwa komsebenzi ophathelene nokusebenza kwesikhumulo noma izinto ezisetshenziswa esikhumulweni, nokunikezwa kosizo olufanele ngaphansi kwemigomo ethile okuvunyelwene ngayo.
Usizo olugunyazwe ngokwalesi sigatshana 1 lumbandakanya ukulayishwa nokuthululwa kwempahla emikhumbini.
Ngale kokunganaki okushiwo yiloMthetho, iSigungu seziPhathimandla singenza isivumelwano esinganikeza abanye umsebenzi waso noma olindeleke ukuba siwenze ngokulandisa kwalomthetho.
Isivumelwano okukhulunywa ngaso kusigatshana 1 nesigatshana 4 singenziwa yiSigungu kuphela ngokulandela inqubo efanele, enokulingana, evulelekile, enokuqophisana nenokonga.
Ngokulandela okushiwo yiloMthetho, noma imuphi umuntu angafaka isicelo selayisensi.
Noma isiphi isicelo selayisensi kufanele sifakwe ngendlela enqunyiwe, nokuhambisana nesimemo esikhishwe yiSigungu esiPhathimandla ngokukhipha isaziso ePhephabhukwini likaHulumeni.
d indawo nesikhathi lapho kuzotholakala khona ifomu lokufaka isicelo nezinye izincwadi eziqondene zingatholakala khona eSigungwini seziPhathimandla e isikhathi nendlela okufanele kuthunyelwe ngayo izicelo.
ISigungu seziPhathimandla singanxusa lowo ofake isicelo ukuba athumele eSigungwini seziPhathimandla ngezindleko zakhe eminye imininingwane noma ulwazi oluthile nangesikhathi esithile olungadingeka ukuze kuqhutshwe isicelo.
a khipha ilayisensi ngaphansi kwemibandela ethile; noma b sichithe leso sicelo selayisensi futhi sinikezele ngezizathu zokuchithwa kwesicelo.
d Izibopho nemthwalo yalowo onikezwe ilayisense mayelana nokunikeza usizo noma izinto zokusebenza ; kanye e Neminye imibandela iSigungu esingayibona ifanele.
d ukulungiselela ukumiswa kwamazinga noma amaqophelo okwenza umsebenzi; kanye e nokulungiselela ukukhalinywa, uma kudingekile nokumiswa kwamanani entengo angabizwa ngosebenzayo onelayisense mayelana nokuphatha nokugcina imithwalo.
1Ilayisensi angeze yadluliselwa komunye umuntu ongowesithathu ngaphandle kokuthola imvume ebhaliwe eSigungwini seziPhathimandla.
Noma ikuphi ukwedluliswa kwelayisensi okuphambene nesigatshana 1 ngeke kusebenze kufana nokungekho.
c lowo onikwe ilayisensi engazange enze izivumelwano noma ukuvumelana ekhoneni nabantu akabakwelentayo; noma d uma kudingekile ukuze kuphephiswe imikhumbi nabantu abasechwebeni noma ukuphepha kukazwelonke.
ISigungu seziPhathimandla singanxusa lowo onikwe ilayisensi ukuba athathe izinyathelo ezifanele ukuze alungise lokho angakwenzanga ngendlela efanele okukhulunywa ngakho kusigatshana 1 a.
b sithathe noma imuphi umsebenzi waleyo nkampani enikwe ilayisensi noma ngomunye umuntu eseceleni ukuba enze lowo msebenzi ngokuyala kweSigungu seziPhathimandla; futhi c sibize izindleko zokwenza noma imuphi umsebenzi kulowo obenikwe ilayisensi.
b ukuze kuzuze umphakathi nemvelo.
Ngaphambi kokukhipha isivumelwano okukhulunywa ngaso kusigatshana 1, iSigungu seziPhathimandla kufanele sinike labo abathintekayo isaziso esibhaliwe...
b sibeke izizathu ukuthi yingani sibona kufanele sikhiphe leyo miyalo; futhi c sinike lowo onikwe ilayisensi ithuba lokuba enze iziphakamiso mayelana nokuthi yingani kungafanele yenziwe leyo miyalo.
c Ahlangabezane namazinga omsebenzi abalulwe elayisensini; nokuthi d Anikeze usizo lwasechwebeni nezinto zokusebenza ezisetshenziswa ngabasebenzisi bechweba okuthembekile, ngekhono nangokonga ngokuhambisana nemibandela ebalulwe elayisensini anikwe lona.
Ukuhlaziya kwakhe imithwalo esikhathini nangendlela engamiswa yiziPhathimanda; kanye iii Uhlelo lwentuthuko ngekusasa okumayelana nonama iluphi usizo aphoqelekile ukuba alunikeze ngaphansi kwemibandela yelayisensi.
ISigungu seziPhathimandla singayala umuntu onelayisense ukuba, ngezindleko zakhe, athumele kuso eminye imininingwane eyengeziwe esibona ifanele ukuze achaze noma enabe kunoma imuphi umbiko noma imininingwane ayithumele lowo muntu onelayisensi ngokwesigatshana 2.
Noma imiphi imininingwane efunwa iSigungu seziPhathimandla ngokwesigatshana 3 kufanele ithunyelwe yilowo muntu onelayisensi singakapheli isikhathi nangendlela emiswe yiziPhathimandla.
Ukuze kubonakale ukuthi imibandela yelayisensi iyalandelwa, noma imuphi umuntu ogunyazwe yiSigungu seziPhathimandla ngokubhaliwe angangena emangcekeni lapho kusebenzela khona lowo ogunyazwe ngelayisense, ngezikhathi zomsebenzi, engaphethe ncwadi yokusesha, ukuze ahlole noma imuphi umsebenzi, okwenziwayo, isakhiwo nezinto zokusebenza futhi angacela lowo muntu ogunyazwe yilayisensi ukuba aveze izincwadi, amarekhodi, izitatimende noma amanye amabhuku aphathelene nezindaba okukhulunywa ngazo kuloMthetho ukuze azihlole noma ukuze enze imifanekiso (copies) yalezo zincwadi ayithathe.
Umuntu okukhulunywa ngaye kusigatshana 1 uma eqhuba ukuhlola anganxusa lowo onelayisensi ukuba akhombise amabhuku, amarekhodi, izitatimende nezinye izincwadi eziphathelene nezindaba okukhulunywa ngazo kuloMthetho zokuhlolwa noma ngenhloso yokwenza imifanekiso yazo noma ukuzithatha.
a Simise okwesikhashana ilayisensi lalowo muntu ogunyazwe ngelayisensi , sithathe futhi senze sona ngendlela esibona ifanele lowo msebenzi obewenziwa yilowo muntu omiselwe ilayisensi; noma b Sihoxise ingxenye noma ukusetshenziswa kwalo lonke lolo sizo lwechweba noma izinto ezisentshenziswa echwebeni kunoma imuphi umuntu noma iqembu labantu abathile noma wonke umphakathi.
Uma ngabe iziphathimandla zizibambela zona lowo msebenzi okukhulunywa ngawo kusigatshana 1a kuyokhokhwa isinxephezelo okuyovunyelwana ngaso phakathi kweSigungu seziPhathimandla nalowo muntu ogunyazwe yilayisensi othintekayo, uma ngabe behluleka ukuvumelana isinxephezelo siyonqunywa nguNgqongqoshe kanti isinqumo sakhe siyoba ngumqamulajuqu futhi siyobophezela lezo nhlangothi zombili.
Noma imuphi umuntu onikeza usizo noma esebenza izinto ezisetshenziswa echwebeni ngaphambi kosuku esiyoqala ngalo ukusebenza lesi sahluko, uyothathwa njengogunyazwe ngelayisensi ukuba anikeze lolo sizo noma lezo zinto ezisetshenziswayo , kodwa lowo muntu kufanele afaka isicelo selayisensi ngaphansi kwesigaba 35 zingakapheli izinyanga eziyisithuba kusukela osukwini esiqale ngalo ukusebenza lesi sahluko.
Umuntu okukhulunywa ngaye kusigatsana 1uyothathwa njengongenalayisensi kuze kufike isikhathi lapho iSigungu seziPhathimandla sithatha isinqumo ngesicelo sakhe selayisensi.
Umuntu okukhulunywa ngaye kusigatshana 1 kufanele anikwe ilayisensi ngaphansi kwesigaba 35 iqobo nje uma usizo olunikayo noma lezo zinto zokusetshenziswa echwebeni azisebenzayo kuyilezo okukhulunywa ngazo kuleso sigatshana, uma iSigungu seziPhathimandla sanelisekile ngokwamukelekile ukuthi lowo muntu uyokwazi ukugcina imibandela yelayisensi.
a Isigatshana 1 asisebenzi kumuntu obenikeza usizo lokulayisha nokwehlisa impahla emikhumbini ngaphambi kokuqala ukusebenza kwaloMthetho.
Ukuthathwa kweTransnent njengephethe ilayisensi okukhulunywa ngakho kusigatshana 5 kuyohlala kukhona kuze kufike usuku lapho ISigungu seziPhathimandla sithatha isinqumo mayelana nesicelo noma ngesinye isikhathi lapho omunye umuntu oseceleni enikwa igunya lokunikeza lolo sizo ngokwesivumelwano sokwehliselana, noma kwenziwa isivumelwano phakathi kombuso nomkhakha wangasese, noma kukhishwa ilayisensi ngaphansi kwalesi Sahluko.
Noma iyiphi ilayisensi enikwe uTransnet ngokwesicelo okukhulunywa ngaso kusigatshana 6 iyombandakanya imibandela ethi lelo layisensi liyophela uma omunye umuntu egunyazwa ukunikeza lolo sizo ngokwesivumelwano sokwehliselana noma isivumelwano phakathi koMbuso nomkhakha wangasese, noma lukhishwe ngaphansi kwalesi Sahluko.
Akekho umuntu oyokwenza umsebenzi wokuphatha impahla ngaphandle kolwandle ngaphandle kwelayisensi ekhishwe iSigungu seziPhathimandla ngokulandisa kwalesi sigaba.
Uma siyalwe kanjalo ngokubhaliwe iSigungu seziPhathimandla, lowo onelayisensi ngokwalesi sigaba angaqaqa noma asuse, ngezindleko zakhe izinto zakhe zokugcina impahla esikhishiwe emkhunjini ekuphelene kwelayisensi ekhishwe ngokwalesi sigaba.
a Uma ngabe lowo onelayisensi ehluleka ukwenza lokho noma ukulandela umyalo anikwe wona ngokwesigatshana 2, iSigungu seziPhathimandla zingaqaqa futhi sisuse lezo zinto , uma kwenzeka lokhu.
b lowo onelayisense uyakukhokha izindleko esingene kuzo iSigungu seziPhathimandla ngesikhathi ziqaqa futhi zisusa lezo zinto.
Lokho okushiwo ezigabeni 35 nesigaba 43 kuyakusebenza lapha kulesi sigaba njengoba kushiwo kulezo zigaba kulowo onelayisensi lokuphatha imithwalo ngaphandle kolwandle.
ISigungu seziPhathimandla singanquma ukuba noma imuphi umhlaba noma impahla engathathikeyo esendaweni yaseMaydon Wharf isethsenziswe kanjani.
a ISigungu seziPhathimandla singabhala isaziso esibhekiswe kubo bonka bantu abathintekayo siyala ukuthi kuzoguqulwa ukusetshenziswa komhlaba nempahla engaphakamiyo esendaweni yaseMaydon Wharf.
i isikhathi esanele sesaziso sokuguqulwa kokusesthenziswa komhlaba okuhlongozwayo; futhi ii ithuba elanele ukuba enze iziphakamiso ngoguquko lolo oluhlongozwayo.
Isazizo okukhulunywa ngaso kusigatshana 2 singasho ukuthi ukutshelekiswa kwalowo mhlana ngenhloso ephambene nokusetshenziswa ngeke kusebenze kusukela ngosuku lwalesi sazizo.
ISigungu seziPhathimandla singayala ukuthi ukutshelekwa komhlaba noma impahla engaphamamiseki esendaweni yase Maydon Wharf, okwenziwe ngaphambi kosuku lokuqala ukusebenza kwalesi Sahluko, kufanele kuxoxiswane ngakho futhi, uma imibandela yalokho kutshelekwa ingenabudlelwane nemibandela yemakethe.
Uma kwenziwe umyalo ngokwesigatshana 4 iSigungu seziPhathimandla nalowo otshelekwe umhlaba kufanele bazame ukuxoxisana ngemibandela emisha yomhlaba noma impahla engathatheki.
a Uma iSigungu seziPhathimandla nomtsheleki behluleka ukuvumelana ngokwesigatshana 5, ISigungu seziPhathiamandla kufanele sibhalele uminini welayisensi isaziso, esimemezela ukuthi ukutshelekwa lokho akusebenzi.
i isaziso esamikelekile mayelana nokuhlongozwa kwalesi simemezelo; kanye ii nethuba elamukelekile lokwenza iziphakamiso mayelana naleso simemezelo esihlongozwayo.
a senze lula ukwakhiwa nokusetshenziswa kwezingqalasizinda zamachweba.
b sihambise ngokomthetho futhi sigcine phansi kweso laso intuthuko emachwebeni ngokuhambisana nohlelo lomhlahlandlela wentuthuko yamachweba.
c siqiniseke ukuthi izingqalasizinda zamachweba ziphethwe futhi zigcinwe ngendlela enobukhono, ephephile nokwenziwa kwemisebenzi yasechwebeni ngokuthula.
ISigungu seziPhathimandla singasungula ukuhlanganyela phakathi kombuso nomkhakha wangasese bese wenza izivumelwano zokwakhiwa, ukuthuthukiswa nokugcinwa kwezingqalasizinda zamachweba.
Ekwenzeni umsebenzi waso iSigungu seziPhathimandla kufanele siqiniseke ukuthi kukhona ukulingana phakathi kokuvikelwa kwemvelo ukusungukwa nokugcinwa kwamachweba.
IziNdlu zoMbuso zingakhipha umyalo okukhulunywa ngawo kusigatshana 1 kuphela uma ngemuva kokubhekisisa umbiko owenziwe yiKomiti eliqokwe ngoNgqongqoshe ukuba lenze uphenyo ngemithethela ezokwenziwa yilokho kuvalwa kwechweba.
Ngokulandela lokho okutholwe uphenyo okukhulunywa ngalo kusigatshana 2 , Izindlu zingayala iSigungu seziPhathimandla ukuba...
c sicibiyele leso senzo esihlongozwayo ngendlela ethile eyobalulwa.
Izimali nempahla yeSigungu kungasetshenziswa kuphela uma uma kuqhutshwa umsebenzi ophathelene neSigungu seziPhathimandla, okumbandanya ukugcinwa kwezingqalasizinda zamachweba, ukuphathwa nokuthuthukiswa kwamachweba.
ISigungu seziPhathimandla singakusakaza njalo ngonyaka ibhuku lemali ekhokhelwa ukuthengiselana okufanele likhombise izimali ezikhokhelwa usizo nokusebenzisa izinto okunikezwa iSigungu seziPhathimandla.
Imali ekhokhelwa ukuthengiselana okukhulunywa ngayo kusigatshana 1 ingehlukahluka ngokuhlukana kwamachweba.
ISigungu seziPhathimandla kungathi ngaphambi kokushintsha noma iyiphi imali ebhalwe ebhukwini sibonisane nekomiti lechweba lokubonisana elimiselwe lelo Chweba.
Imali ekhokhelwa iSigungu seziPhathimandla zamaChweba kuZwelonke.
a Usizo lwamachweba, nolunye usizo olumbandakanya...
ukuhudulwa uma kunikezwe usizo lokudonsa; kanye v izindawo zokulala emkhunjini uma kunikezwe lolosizo nezinto zokulala.
imithwalo uma kuhanjiswa imithalo ngaphakathi kwechweba; kanye iv nemali zokulala uma kunikezwe futhi kwagcinwa izingqalasizinda zobonda lokuvikela.
ISigungu seziPhathimandla mayelana nezimpahla ezingaphandle kolwandle singabiza imali okukhulunywa ngayo kusigatshana 1.
ISigungu seziPhathimandla singanxusa noma imuphi umuntu ukuba akhokhe isibambiso, uma sibona kufanele, sokukhokhwa kwanoma iyiphi imali okufanele ikhokhwe ngaphansi kwaloMthetho.
Imali noma inkokhelo okukhulunywa ngazo kuzigatshana 1a no b zikhokhelwa iSigungu seziPhathimandla ngale kokubizwa zikhokhwa ngemuva kokunikwa kosizo noma izinto kokusetshenziswa.
Izimali noma inkokhelo okukhulunywa ngazo kuzigatshana 1a no b zikhokhelwa iSigungu seziPhathimandla ngale kokubizwa, zikhokhwa ngemuva kokunikwa kosizo noma izinto kokusentshenziswa, uma ngabe isicelo sosizo noma ukunikezwa kwezinto zokusebenza kuhoxiswa noma kwesulwa ngaphandle kokunikeza ISigungu seziPhathimandla isaziso sokuhoxiswa noma ukwesula kwesicelo kusenesikhathi esanele.
h suse noma isiphi isithikamezo noma into ethile emanzini angaphakathi echwebeni okungadala ingozi ekuhambiseni impahla ngemikhumbi noma ekuhambeni kwemikhumbi.
d nikeza isaziso kumnini noma omunye umuntu okunguyena onomthwalo wokugcina noma ukulondoloza noma imuphi umkhumbi ongaphakathi kwemincele yechweba , sinxuse lowo muntu ukuba asuse noma alahle lowo mkhumbi noma yini enye into eyingxenye yalowo mkhumbi engakulungele ukuba solwandle ngokubona kweSigungu seziPhathimmandla noma okungenzeka ibe yisivimbelo noma imvithi noma ibe into elahliwe noma ibe yingozi emvelweni noma ekuphepheni komphakathi. Uma kwenzeka umini waleyonto ehluleka ukwenza lokho okushiwo isaziso singakapheli isikhathi esibalulwe esazisweni leso, iSigungu seziPhathimandla singenza konke okusemandleni ukuze sisuse noma silahle lowo mkhumbi noma into nokubuyiselwa zonke izindleko esingene kuzo kumini noma kulowo muntu; nokuthi e uma kwahlulekeka ukukhokhwa kwezindleko okukhulunywa ngazo kulesi sigaba emuva kwencwadi ebiza lezo ndleko, iSigungu seziPhathimandla singathengisa lowo mkhumbi noma leyo mvithi yomkhumbi bese kuthi imali etholakele kulokho kuthengiswa isetshenziswa ukukhokhela izindleko ezingakhokhiwe uma kukhona imali esele iyonikezwa umnini womkhumbi kanti futhi ima ingaphelelanga ukwesula izindleko leyo esele iyobizwa kumnini noma imuphi omunye umuntu okukhulunywa ngaye kuleso sigaba esifanele.
a Induna yeChweba, mayelana nalelo chweba eqashelwe lona, nguyena oyisiphathimandla onezwi lokugcina mayelana nezindaba zokushayela imikhumbi, ukuhamba kwemikhumbi olwandle izinsiza zokuhambisa imikhumbi olwandle, kanye nezinye izindaba eziphathelene nokuhamba kwemikhumbi ngaphakathi kwemikhawulo yechweba.
Induna yeChweba iyothatha izinyathelo ezifanele ngenhloso yokwazisa ngeziyalo ezimiswe yiyo ngokwesigatshana 3 noma imuphi umuntu ongathinteka yizo.
Isigungu seziPhathimandla singahlukanisa ukusentshenzwa kwemithwalo nabantu kuqinisekwe ngokuphepha kwempilo yabantu kanye nokubavikelela ekulimaleni.
Ngokuhambisana nesigatshan , ukukhashwa kwemikhumbi echwebeni kuphoqelekile kulelo nalelo chweba, umkhaphi uyakuhambisa noma ukugudlula imikhumbi echwebeni.
Ukukhashwa kwemikhumbi akubalulekile mayelana nemikhumbi noma iqembu elithile lemikhumbi engaphoqelekile ukuba nabakhaphi ekhishwe yiSigungu seziPhathimanda ngokubhaliwe.
Umsebenzi womkhaphi ngukuhambisa umkhumbi echwebeni , ukukhomba ukunyakaza kwawo nokuqaphela ukunyakaza kwezindophi ezisiza umkhumbi onyakaziswayo.
Umshayeli nguyena okufanele amise inani lezindophi ezidingekayo ukuze kunyakaziswe umkhumbi kulelo chweba.
Uma kukhona ukungavumelani phakathi komkhaphi kanye neNduna yeMkhumbi mayelana nenani lezindophi okufanele zisetshenziswe ngokwesigatshana 4 , isinqumo sokugcina siyothathwa yiNduna yeChweba.
Induna yomkhumbi kufanele kuthi ngazo zonke izikhathi ilawule umkhumbi , ngesikhathi umkhumbi unyakaziswa kanti ngeke induna noma imuphi omunye umuntu ongaphansi kwenduna ongaphazamisa ukuhamba komkhumbi emanzini noma ukunyakaziswa komkhumbi noma avimbela umkhaphi ekwenzeni umsebenzi wakhe ngaphandle uma kunesimo esiphuthumayo noma esibucayi lapho induna ingathikameza ukuze iphephise umkhumbi, imithwalo kanye nabasebenzi bomkhumbi ngendlela engabona ifanele ukuze ivikele ingozi.
Lapho induna yomkhumbi ingenelela kufanele yazise umkhaphi ngokushesha bese kuthi ngemuva kokuba isibuyisele isimo kwesiyiso ivumele umkhaphi ukuba aqhubeke nokwenza umsebenzi wakhe.
Induna yomkhumbi kufanele iqiniseke ukuthi isikhulu nabasebenzi bomkhumbi basezindaweni zabo nokuthi baqaphile nokuthi umkhaphi unikezwa lonke usizo ekwenzeni umsebenzi wakhe.
Akekho umuntu ongenza umsebenzi wokuba ngumkhaphi encwebeni engenalo ilayisensi elikhishwe yiSigungu seziPhathimandla ngokwaloMthetho.
Ungqongqoshe kufanele anqume izimfanelo zokunikezwa kwelayisensi kumkhaphi.
Iziphathimandla zokuPhepha oLwandle zaseNingizimu Afrika zingenza izincomo mayelana nemfundo edingekayo kunoma imuphi umuntu ozoba ngumshayeli womkhumbi, okumbandakanya ingqikithi nohlobo lokuhlolwa, okufanele kwenziwe, uma kukhona.
Iziphathimandla zokuPhepha oLwandle zaseNingizimu Afrika kuyofanele zibonisane neSigungu seziPhathimandla mayelana nomongo wemfundo okukhulunywa ngayo kusigatshana 2, ngaphambi kokwenza izincomo.
ISigungu seziPhathimandla kufanele sisebenze futhi sigcine imibhoshongo yezibani nezinye izinsiza zokuhamba kwemikhumbi olwandle ezingaphansi kwesandla saso, ukuze sisize imikhumbi ehamba ngaphakathi kwemikhawulo yalelo chweba nangasongwini lolwandle lwaseNingizimu Afrika, ngokwamazinga anqunywe yiziPhathimandla zokuPhepha Olwandle zaseNingizimu Afrika.
ISigungu seziPhathimandla ngeze sayeka ukusebenza noma imuphi umbhoshongo wezibani noma izinsiza eziphansi kwaso, nakuba sekufakwe omunye umbhoshongo wezibani omusha esikhundleni salowo kuleyondawo noma kwenye indawo eqondene nalena, sinciphise usizo olunikezwa imibhoshongo yezibani noma olusiza noma ngayiphi indlela, ngaphandle kokwazisa iziPhathimandla zokuPhepha olwandle zaseNingizimu Afrika ngenhloso esifisa ukuyenza, nokubonisana neKomiti lokuBonisana leChweba lalelo chweba eliseduze nalapho kukhona umbhoshongo wezibani noma izinsiza.
Ngokuhambisana nesigatshana 2, akukho lutho kulesi sigaba okungahunyushwa njengokunciphisa amandla eSigungu seziPhathimandla okugcina imibhoshongo yezibani nezinye izinsiza zokuhamba kwemikhumbi olwandle, okumisa umbhoshongo wezibani ngendlela iSigungu seziPhathmandla esingabona ifanele, noma ukwenza ngcono noma ukwandisa usizo olutholakala kulemibhoshongo yezibani noma yiziphi ezinye izinsiza zokuhamba kwemikhumbi olwandle.
Ikomiti lokuBonisana leChweba lalelo chweba eliseduze nalapho kukhona imibhoshongo lingenza izincomo lizibhekise eSigungwini seziPhathimandla mayelana nokwenziwa -ngcono noma ukwandiswa kosizo olutholakala kulowo mbhoshongo wezibani noma izinsiza.
Ekusebenziseni amandla aso ngaphansi kwaloMthetho, iSigungu seziPhathimandla singasusa noma isiphi isibani esingadida noma siphazamise imikhumbi, futhi singene kunoma imuphi umhlaba noma imaphi amangceke ngenhloso yokwenza lokhu, uma ngabe umnini wendawo lapho kukhona isibani leso noma umuntu okunguyena oqaphe leso sibani ehluleka ukusincima noma ukukhinyabeza zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa enikwe isaziso sokuba enze njalo, bese sibiza izindleko zokususa kumini wendawo noma lowo muntu oqaphe indawo.
Ngokubhaliwe, uNgqongqoshe angayala iSigungu seziPhathimandla ukuba senze umsebenzi othile osemandleni aso iSigungu noma singenzi umsebenzi othile, uma lowo myalo ubalulekile...
UNgqongqoshe kufanele abonisane neSigungu seziPhathimandla kanye noNgqongqoshe onesabelo ngaphambi kokukhipha isaziso okukhulunywa ngaso kusigatshana 1.
ISigungu seziPhathimandla kufanele zithatha zonke izinyathelo ezifanele ukulandela umyalo okhishwe ngokwesigathsna 1.
UNgqongqoshe kufanele kuthi ezimalini ezabiwe yiSishayamthetho zabelwa lokhu, anxephezele iSigungu uma sibe nokulahlekela ngenxa yokufeza umyalo okukhulunywa ngawo kusigatshana 1.
Ngaphezu kwalokhu, uma kwenzeka ekwenzeni lomsebenzi kungabi nezunzo eSigungwi, izimali zalowo msebenzi ziyothwalwa nguhulumeni.
e Imithetho yenqubo yeKomiti lokuBonisa leChweba, amandla imisebenzi nezibopho kanye nendlela yokukusebenzisa.
g imikhawulo yechweba; kanye h nokunikeza usizo lokuhamba kwemikhumbi yiSigungu seziPhathimandla okumbandakanya ukusungulwa kwemithethonkambiso yokuhamba kwemikhumbi olwandle ukuze kwenziwe ngcono ukuphepha nokuhamba kwemikhumi ngempumelelo nokuvikela imvelo.
c ukubheka, ukuhambisa ngokomthetho nokukhalima yonke imisebenzi eyenziwayo emanzini asechwebeni d ukulungisela ukugunyazwa ngamalayisensi kwemisebenzi eyenziwayo echwebeni.
j ukuvimbela ukulayishwa, ukuphathwa, nokukhishwa kwempahla emahofini lapho okubonakala khona ukuthi lokho kulayishwa, ukuphathwa noma ukukhishwa kungaba yingozi emphakathini.
p noma iluphi olunye undaba oludingekayo noma oluphuthumayo ukuze iSigungu seziPhathimandla sikwazi ukwenza umsebenzi waso nokufeza noma ukwenza ngcono lokho okuphokophelwe yiloMthetho.
Isigungu seziPhathimandla singakhipha imithethonkambiso yalelo nalelo chweba, imise isikhathi sokusebenza kwechweba kanye nobundlelwano phakathi kwalabo abehliselwe imali noma okunezivumelwano nabo okukhulunywa ngabo esigabeni 34 ngokulunye uhlangothi kanye nalabo abanikwe amalayisensi ngakolunye uhlangothi.
Imithethonkambiso okukhululnywa ngayo kulesi sigaba ingamisa amacala kanye nokuhlawulisa inhlawulo noma ukugcinwa ejele isikhathi esingeke saba ngaphezulu kwezinyanga eziyisithupha noma kokubili inhlawulo nokugcinwa ejele.
g umuntuoyedwa omele uMnyango wezamaBhizimisi kaHulumeni.
Umsebenzi weKomiti lokuBonisana leChweba uphathelene noku...
a ukunikeza inkundla lapho kuzoshintshiswana khona ngemiboni phakathi kweSigungu seziPhathimanda zamaChweba kuZwelonke nabanye abathintekayo.
c noma ilupho olunye undaba iSigungu seziPhathimandla zamachweba kuZwelonke esibona kudingekile ukuba uNgqongqoshe onesabelo abonisane neKomiti.
Ngokuhambisana nokushiwo yiloMthetho , ichweba yindawo ekhululekile ukuba kungangena noma ubani ozokwenza umsebenzi waseChwebeni osemthethweni.
ISigungu seziPhathimandla kufanele sihlanganyele neziphathimandla okudingeka zenze lemisebenzi eChwebeni ukungena kwabantu abangezona izakhamuzi zalelizwe, imali yokuthelela impahla ephumayo noma engenayo ezweni, ukugcinwa komthetho futhi kufanele banike lezikhulu zonke izinto zokusebenza, ngokuhambisana nesinxephezelo okungavunyelwana ngaso phakathi kweSigungu seziPhathmandla naleso siphathimandla soMbuso esithintekayo, uma behluleka ukufinyelela esivumelwaneniT uNgqongqoshe nguyena oyakumisa isinxephezelo.
Noma imuphi umuntu olahlwe yicala ngokwesigatshana 1 uyakuphoqeleka ngokomthetho ukuba akhokhe inhlawulo noma ahlale ejele iminyaka engevile kwemihlanu noma kokubili.
1 Kusukelwa ngosuku oluyakumiswa ngokwesigaba 27 1 soMthetho wokelamana koMthetho woSizo lwezokuThutha eNingizimu Afrika ka 1989, uMthetho ongunombolo 9 ka 1989 uyesulwa lapho unobundlelwane nokuphathwa noma umsebenzi wamachweba okukhulunywa ngakho kulo Mthethosivivinyo.
a Ngale kokunaka lokho okushiwo yisigatshana 1 , imithethonkambiso yamachweba eyenziwe ngokulandisa kwesigaba 21 woMthetho wokweLamana koMthetho woSizo lwezokuThutha eNingizimu Afrika k1 1989 uMthetho ongunombolo 9 ka 1989 ebisivele isebenza ngaphambi kosuku lokuqala ukusebenza kwaloMthetho iyakuqhubeka isebenza iqobo nje uma ingaphikisani naloMthetho, kuze kube iyacitshiyelwa noma isule ngaphansi kwaloMthetho.
b Uma kukhulunywa nge" Sikhumulo semikhumbi " kufanele kuthathwe ngokuthi kusho "ichweba".
LoMthetho uyakwaziwa ngoMthetho weSigungu seziPhathimandla zamaChweba kuZwelonke ka 2003, kanti uyoqala ukusebenza ngokugcwele ngosuku oluyakumiswa nguMongameli ngokwenza isememezelo ephephabhukwini likaHulumeni iGazethi.
